OWE-CHIEFS UHUJWA U-SARS

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
ISILOMO somdlali weKaizer Chiefs uGastón Leandro Sirino usenkingeni noSouth African Revenue Service (Sars) ngesikweletu sokungayikhokhi intela kaR6.1 million.
Ngokubika kweSunday World, laba baqoqi bentela sebebhalele iJohanesburg High Court bayitshela ukuthi uSirino ekuqaleni ubebakweleta uR5.9 million kodwa manje isikweletu sesinyuke kakhulu ngenxa yenhlawulo nemali ye-interest. Abakwa-Sars baveze ukuthi ikhona nencwadi yokugcina abayithumele kulo mdlalo bemazisa ukuthi kumele akhokhe ngokushesha kanti uma ehlulwa ilokho, uzodlelwa impahla, ekungaba imoto noma umuzi.
Ingxenye yencwadi yakwa-SARS ifundeka kanje. “Ngokwama record ethu usuhlulekile ukukhokhela intela ngezikhathi ebekumele wenze njalo. Sikuyalela ukuthi ukhokhe kungapheli izinsuku eziyishumi.” USirino ungomunye wabadlali abahola kakhulu eNingizimu Afrika. Walandwa iMamelodi Sundowns edlala ngakubo e-Uruguay eminyakeni eyisikhombisa edlule. Usayinwe iChiefs ngenxa yesipiliyoni sakhe sokunqoba inqwaba yezicoco ekubalwa kuzo nese-CAF Champions League. KwiChiefs ube nesandla ekuyinqobiseni iNedbank Cup, bedla izimbangi zeminyaka i-Orlando Pirates kwifayinali eyayiseMoses Mabhida Stadium eThekwini ngenyanga edlule.
Khona manjalo iChiefs, izobamba indiza iqonde eNetherland lapho izokwenza khona amalungiselelo okuqala isizini entsha ka 2025/26. Imemezele ukuthi izohlala kuleliya zwe kusukela mhla zintathu kuJuly kuya kumhla ziyi-19. Ngesizini edlule yabamba ikhempu ye pre-season eTurkey lapho umqeqeshi wayo omusha uNasredine Nabi wayeqala ukusebenza kuyo.
