Izindaba

ZEHLILE IZIBALO ZABANGASEBENZI ETHEKWINI

IMENENJA kaMasipala weTheku uCllr Musa Mbhele ithe ziyamjabulisa izindaba zokwehla kwabangasebenzi. ISITHOMBE: ETHEKWINI MUNICIPALITY

AKHONA DLAMINI

ZEHLILE izibalo zabantu abangasebenzi kuMasipala weTheku, uma kuqhathaniswa nabanye omasipala abakhulu eNingizimu Afrika.
Lokhu kuvezwe ucwaningo lwe-Quarterly Labour Force Survey lwekota yesithathu ka-2026, olukhishwe yiStatistics South Africa, oluthinta isikhathi esiphakathi kukaJulayi noSepthemba 2026.

Ngokwalolu cwaningo, iTheku kube ilona umasipala omkhulu ezweni onezibalo ezehlile zabantu abangasebenzi esikhathini esingangonyaka, kusukela kwikota yesithathu ka-2025 kuya kweyesithathu ka-2026.
Izibalo ziveza ukuthi izinga labantu abangasebenzi eThekwini lehlile lisuka kumaphesenti angama-27,8% laya kwangama-22,2%, okuwukwehla ngamaphesenti ayi-5,6. Lokhu kwenze iTheku lalingana noMasipala waseKapa, njengomasipala abanamazinga aphansi kakhulu okungasebenzi ezweni.

IMenenja yakuMasipala weTheku, uMusa Mbhele, ithe kuyajabulisa ukubona izinguquko ezinhle ezimweni zokuqashwa kwabantu, kodwa umasipala usazibophezele ekuqhubekeni nomsebenzi wokuthuthukisa umnotho.

“ Lezi zibalo zikhombisa ukwanda kwabantu abathole imisebenzi uma kuqhathaniswa nonyaka odlule, okuyinto ezoletha injabulo emindenini eminingi. Kuyasikhuthaza ukubona iTheku ligila izimanga ekwehleni kwezibalo zabantu abangasebenzi ngesikhathi ezinye izindawo ezweni zibhekene nokukhula kwalo,” kubeka uMbhele.

UMbhele uqhube wathi umsebenzi omkhulu obasalele wukuqinisekisa ukuthi abatshalizimali batshala izimali, ukuze kukhule amabhizinisi kanye nokwakhiwa kwamathuba omsebenzi.

“ Umasipala uzoqhubeka nokugxila ekuqinisekiseni ukuthi ingqalasizinda yamanzi nogesi iyasebenza, izindawo zomphakathi zihlanzekile futhi ziphephile, ukuze kubelula kosomabhizinisi nabatshalizimali ukwenza umsebenzi wabo eThekwini,” esho.