UMFUNDISI UDUBE UBHOBOKA OKOKUQALA NGE-ANC

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
Umusamedia1@gmail.com
UMFUNDISI uVusi Dube ukhala ngabantu abakumkhankaso wokuketula i-ANC, abayihlasela nxazonke okwenza abantu bagcine bedideka.
UMfu Dube ubhoboka okokuqala ngalokhu okwenzekayo, ngemuva kokuthi kuke kwaba nokuqagela ukuthi kungenzeka aye kwi-MKP ngesikhathi imnika isipho senkomo, kulo nyaka.
“I-ANC inhlangano yethu esiyithandayo kubonakala kunabantu abazoyihlakaza, okwenza namalungu adideke. Lokhu kuhlaselwa kwenza ukuthi inhlangano ingavikeleki ngisho emphakathini,” kusho uDube.
Uthi abantu kufanele bazi ukuthi i-ANC isaphila futhi inabo abaholi abenza kahle.
“Sicela abaholi bangadikibali babe nathi kwizithangami eziya emphakathini, ukuze babone ukuthi bakhona futhi baningi abantu abasakholelwa kuyo. Sifuna kugqame ukuthi inhlangano ikhona, noma kukhona la singenzi kahle kodwa 90% yenze kahle. Sikwazile ukunika abantu izindlu ezinesithunzi, safakela abantu ugezi nasezindaweni okwakuyiphupho kubona,” esho.
