ABALANDELI BE-CHIEFS ABAGCULISEKILE NGOMDLALI OTHENGIWE

MABUNHLE MLABA
ABALANDELI beKaizer Chiefs bazwakalise ukungagculiseki ngomgadli omusha othengwe emazweni, uFlavio Silva ogixabezwe ngeminyaka emibili yenkontileka.
Lokhu sekuholele ekutheni uMqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi anxuse abalandeli ukuthi bamnike ithuba lo mgadli omusha.
Lo mgadli oneminyaka eyi-29 ubudala ulandwe kwiPersebaya Surabaya yase-Indonesia wanikwa inkontileka yeminyaka emibili.
Emidlalweni embalwa aseyidlalile iningi labalandeli seliveze ukungagculiseki njengoba likhulume kanjalo ezinkundleni zokuxhumana.
Ekhuluma nabezindaba ngaphambi komdlalo wokuvula isizini yeBetway Premiership neStellenbosch FC ngempelasonto, uNabi uthe. “Kungimangazile ukuzwa ukugxekwa kwakhe singakahambi ibanga elide. Kodwa-ke thina kwiChiefs esizokwenza ukuvikela abadlali bethu ngoba sibathenge ngoba siyakholelwa kubona,” kusho uNabi.
IChiefs izoqala le sizini inengcindezi yokukhombisa abalandeli ukuthi ibhodwe ebeliphekwa ngesizini edlule, lesekwa ngezaba selivuthiwe.
.
