Uncategorised

LIYANTENGA IKUSASA LOMDLALO UZALO

MABUNHLE MLABA

SEKUQUBUKE ungabazane ngekusasa lomdlalo kamabonakude uZalo, kulandela ukuthi abasebenzi befuqwe ngezincwadi, ezibazisa ukuthi bangwezi ukuziqopha.
Lomdlalo okhonjiswa phakathi nezinsuku kuSABC 1 okuthiwa wehlelwe yizinamba zababukeli ngemuva kokuteleka kwabasenzi ngenxa yokungaholi,
Kuvele ukuthi abasebenzi bashaqekile bethola izincwadi ezibazisa ngokumisa kokuqoshwa kwalo mdlalo.
Ngokuthola ngomthombo ongaphakathi uthe okubadide kakhulu ngale ncwadi wukuthi lezi zindaba zifike besanda kuhola.
Uthi bebelindele ukuthi baqhubeke nokuqopha njengoba beneziqephu eziphambili abaziqophile, kodwa ezingakaveli kumabonakude.
Inkinga yokuma kungaqoshwa kulo mdlalo, ayiqali ukwenzeka njengoba izisebenzi zenkampani eqopha lo mdlalo, iStained Glass TV, zike zabeka phansi amathuluzi, zikhala ngokungaholi.
Incwadi ebhalwe izikhulu zeStained Glass ithi isizathu sokumiswa kwezisebenzi yingenxa yezinkinga zemali.
“Sicela nazi ukuthi siyaxhumana neSABC ngenhloso yokuthi sifinyelele esixazululweni ngokushesha. Siyakuqonda ukuthi lokhu kunamuphi umthelela kinina, kodwa sizimisele futhi sizonazisa ngokuhamba kwesikhathi okuqhubekayo,” ngokusho incwadi.