I-BAY IPHENDUKE UMHLATSHELO KWI-CHIEFS

MALIBONGWE MAZIBUKO
KUBONAKALA lisayigidela kahle kule sizini iqembu lebhola iKaizer Chiefs, kulandela ukuqala ngokunqoba imidlalo ebibhekene nayo.
Abalandeli beKaizer Chiefs bakujabulele kakhulu ukunqoba kwayo iguqisa iRichards Bay FC ngelilodwa eqandeni, e-FNB Stadium izolo.
IKhosi lisefomini kakhulu selokhu kuqale isizini, kanti iBay FC iphenduke nje imvu yomhlatshelo njengoba isidliwe kathathu, iqalile isizini.
IKaizer Chiefs yayogcine ukunqoba imidlalo emithathu ilandelana ngenkathi ibangompetha be Premier Soccer League, eyayixhaswe ibhange i-Absa ngesizini ka 2014/15 isaqeqeshwa uStuart Baxter, owanqoba umklomelo wokuba iCoach of the season kulowo nyaka.
Amehlo abantu athe njo kuyo ukubona ukuthi ingabe izowuphinda yini lowo mlando inqobe iBetway Premiership, esiqukulwe iMamelodi Sundowns amahlandla ayi-8 kulandelana.
Abalandeli bayo bafisa iqhubeke nomgqigqi wayo wokunqoba, uma sebezobhekana neqembu iMamelodi Sundowns ngolwesithathu eFNB Stadium kumdlalo weBetway Premiership.
