Uncategorised

UBUKHONA BENDLOVUKAZI YEMVULA KUBUSISE OWO-MHLANGA

I-QUEEN Modjaji Masalana

ZETHU PHOSWA

KUBHOBOKE amazulu ngenkathi Indlovukazi Yemvula uModjaji ihambele uMkhosi woMhlanga Emashobeni, obuyingqopha mlando eSilweni uMisuzulu, njengoba bekuwuphawu lwamanyathelo ezidladla zakhe zokuba sesihlalweni.
ISilo sibonge ukubakhona kwendlovukazi uModjadji waBalobedu eLimpopo, sathi lokhu kuvuselela futhi kuqinisa amaxhamu obuhlobo bakudala uZulu ayenabo naBalobedu,
“Ngibonga ukuba khona kwendlovukazi uModjadji, ubukhona bakhe buvusa ubuhlobo obabukhona emandulo namanje lobuhlobo buyaqhubeka,” kuphefumula iSilo.
Lo mkhosi wokuqala esigodlweni saseMashobeni seSilo uMisuzulu kaZwelithini uphele ngesibusiso semvula, njengoba uphethe ngokukhemezela.
Lokhu kunike ithemba abantu bakule ndawo yaseMpakama echazwa njengeyomile negcwele izintuli engavundile ngenxa yokugqoza kwemvula.
Lo Mkhosi ubuhanjelwe amakhosi aqhamuka ezindaweni ezahlukene, namanxusa amazwe ahlukene