USUSEMOME UMKHULEKO WABANGCWABI BESIFAZANE

UNKSZ Busisiwe Zondi ongumhleli womkhuleko iWomen In Funeral Business Prayer. ISITHOMBE: Sithunyelwe
NOMCEBO NGEMA
KONKE sekumi ngomumo ngamalungiselelo omkhuleko obizwa nge-Women In Funeral Business Prayer ozoba mhla-28 kuMfumfu, ehholo kwa-G, KwaMashu.
Inhloso yalo mkhuleko ukubikela uNkulunkulu ngezingqinamba abesifazane abakulemboni ababhekana nazo, nokunxusa uNkulunkulu ukuthi abelaphe amanxeba abanawo.
Umhleli walo mkhuleko uNksz Busisiwe Zondi uthi ufikelwe umbono wokuthi ahlanganise bonke abesifazane abasembonini yokungcwaba babe nomkhuleko, babhodle babikele uMvelingqangi ngakho konke.
“Iningi labantu besifazane abakule mboni babhekene nengcindezi, njengoba bengcwaba abantu abehlukene njalo ngezimpelasonto lokho kugcina kubagqilaza nabo ngokomqondo. Labantu besifazane abanabo abantu abakwazi ukuhlala nabo phansi bababikele ngosizi lwabo ababhekana nalo kulemboni njengokungabi bikho kwemali,” kuchaza uNksz Zondi.
Uthi nakuba lo mkhuleko kungowabesifazane abasembonini yokungcwaba kodwa bababhekile nabanye abakwamanye amabhizinisi kanjalo namalunga omphakathi ukuze azizwele nawo izinkinga ababhekana nazo.
Kulomkhuleko kuzoba nezinkulumo ezakhayo kuphinde kuphakwe neZwi likaNkosi.
Kullindeleke ukuthi kube khona uMfu Thabile Nkosana, uMfu Siwe Ndlovu, neNdlovukazi uMapule Mchunu nabanye.
