INJABULO ENQOBA UZIME KA-MISS SOUTH AFRICA 2025

KUBE yinjabulo yodwa uQhawekazi Mazaleni edlala umhlanganiso kaMiss South Africa. ISITHOMBE:Good Thing Guy
AKHONA DLAMINI
KUBE injabulo ehambisana nezinyembezi kwintokazi yase-Eastern Cape, uQhawekazi Mazaleni ngesikhathi ebaqwaqwada emakhanda kumqhudelwano kazime uMiss South Africa, eSunBet Arena eTimes Square ePitoli, izolo.
Le ntokazi eneminyaka eyi-24 ubudala, iyiSpeech Therapist, kumanje yenza iMasters egxile kwi-Autism, ithokozise ababukeli, abalandeli nomndeni wayo ngesikhathi ihlwitha isicoco sokuba nguMiss South Africa.
UQhawekazi ubesihlwitha ku-Mia le Roux, kanti yena ubebhinciswe ngangxanye yintombi elalele isibili uLuyanda Zuma, oneminyaka engu-23 waseMgungundlovu, KwaZulu-Natal, kwathi uKarabo Mareka, oneminyaka engu-27 waseAlexandra eGoli wadlala isithathu.
UMazaleni ubonise amakhono amahle kakhulu okuphendula imibuzo ngendlela echaze amajaji, ngesikhathi ebuzwa ukuthi yiliphi ikhono, indlela yokucabanga noma ithuba angalisebenzisa ukuvuselela intsha yaseNingizimu Afrika, uphendule ngokuzimisela wathi,
“Ikhono engingathanda ukunika intsha yethu ukuqala ngalokho onakho. Awuhlali uthola amathuba alula, kodwa uma unamathuluzi nezinsiza ezikhona, ungaba nomthelela emphakathini.”
