ZIYAQHUBEKA IZINGXOXO ZABAMATEKISI NONDUNANKULU E-KZN

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
NAKUBA abamatekisi alayisha eDurban Station amabanga amade, bengazange balubhade kumhlangano bekumele babe nawo, noNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli, kodwa zisaqhubeka izingxoxo ukuze kuphunywe nekhambi.
Bekulindeleke kube nomhlangano ngoLwesine obubhekwe ngabomvu, ukuthi yiwo ozophuma nekhambi.
Kulo mhlangano bekulindeleke uNgqongqoshe
woMnyango wezokuThutha nezokuHlaliswa koMphakathi KwaZulu-Natal uMnuz uSiboniso Duma, abanikazi bamatekisi angaphansi kwenhlangano iDurban Station Long-distance Association okubalwa kuwo i- YMCA nawase Durban Station okuthiwa yibo abafikanga.
UMnuz Lindelani Mbatha okhulumela uNdunankulu waKwaZulu Natal uthi, azimile izigxoxo phakathi kukaNdunankulu uNtuli nabamatekisi, nakuba bengaqhamukanga emhlanganweni laba bamatekisi alayisha eDurban Station.
Lesi siteleka samatekisi samabanga amade aseDurban Station naseYMCA eThekwini, alibangise ezindaweni esingabala kuzo i-Richards Bay, KwaNongoma, uMtubatuba, i-Newcastle, iSwaziland, Lesotho, Gauteng nezinye izindawo, siqala ngeledlule ngoLwesihlanu.
