Uncategorised

BAZOBHEKANA NENGALO YOMTHETHO ABAPHULA IMITHETHO YOMGWAQO

AMAPHOYISA omgwaqo eMpangeni ebopha owesifazane obephula umthetho. Izithombe: KZNDTHS

NOMCEBO NGEMA

BAZOBHEKANA nengalo yomthetho abaphula imithetho yomgwaqo KwaZulu-Natal, akukhathaleki ukuthi uwuphule kancane okanye kakhulu, kodwa bayochazela inkantolo.
Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe Siboniso Duma ohola uMnyango wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, obexwayisa abashayeli abangayithobeli imithetho yomgwaqo ngokuthi bazoyikhotha imbenge yomile kulamaholidi.
“Uma uzazi ukuthi uyaphuza kobakuhle ukuthi uhlale ekhaya ungashayeli uphuzile ngoba uzolala ubaliwe, bangu-960 esebeboshiwe kusukela ziyi-16 kuNcwaba, iningi lalaba ababoshiwe baboshelwe ukuphuza ebese bengena emgwaqeni. Ngikhuthaza amaphoyisa ethu ngokuthi abophe kwasani oluphula umthetho, angabi nalo uzwelo ukuze kuphephe wonke umuntu. Amaphoyisa azoqinisa kakhulu isandla kulabo abaphuza uphuzo oludakayo ebese bengena emgwaqeni bashayele. Kwazulu-Natal sithi Zero Tolerance, No Nonsense, Alufakwa,” kuphetha uNgqongqoshe uMnuz Duma.