INJABULO KUPHAPHAMA IWELE ELAKHALATHEKA EKHESHINI

U-APHILE Dlamini usephapheme kulandela ukuba kwikhoma isikhathi eside, ngemuva kwengozi yokukhalakathela emgodini wekheshi. ISITHOMBE: Facebook
NOMCEBO NGEMA
SELIPHAPHEME iwele lakwaDlamini eselihlale isikhathi eside kwikhoma njengoba lakhalakathela emgodini wekheshi ebhilidini laseHomii edolobheni eThekwini ngenyanga edlule, kwathi iwele lakhe lashona.
Lezi zindaba zivezwe uyise wewele uMnuz Dlamini obhale ezinkundleni zokuxhumana.
“ Ngiyanibingelela bakwethu, izindaba ezinhle zithi….u-Aphile usephapheme, uphumile kwikhoma. Siyabonga imikhuleko, siyabonga ukuseseka, ngaphezu kwakho konke sibonga uSomandla,” kuchaza uMnuz Dlamini.
Nakuba indodakazi yakhe u-Aphile esephapheme kodwa inkinga azobhekhana nayo ukuthi uzobuza iwele lakhe u-Aphelele, njengoba ladlula emhlabeni laze labekwa endlini yalo yokugcina, u-Aphile ekwikhoma esibhedlela. Kuzokhumbuleka ukuthi uMnuz Khaya Dlamini ongubaba wamawele usanda kumemezela ekhasini lakhe ku-Facebook ukuthi ukuhlinzwa kuka-Aphile kuhambe kahle.
Abalandeli bakaMnuz Dlamini bambongelile kakhulu baphinde babaza amandla kaNkulunkulu, base bemfisela ukululama okuhle u-Aphile.
