Uncategorised

KUKHALWA NGABOKUFIKA ABADALA UMONAKALO

AMALUNGA omphakathi ebephume ngobuningi bawo ukuzokwethula izikhalo zawo kuhulumeni

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ngesikhathi ethula inkulumo yakhe. IZITHOMBE: ZANDILE SHANGE

NOMCEBO NGEMA

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli uthi uzoqina umkhankaso wokuqeda ngabokufika abakuleli ngokungemthetho ngoba badala umonakalo omkhulu, kwi-OSS, ebisenkundleni yezemidlalo KwaNdengezi Sports Field, izolo.
Lokhu kuvele ngesikhathi uNdunankulu uNtuli eqhuba uhlelo i-Operation Sukuma Sakhe (OSS), okuwuhlelo lukahulumeni lokuya kubantu emphakathini, ngenhloso yokulalela izingqinamba ezibhekene nomphakathi.
“Kunabantu lapha KwaZulu-Natal abamukela imali kubantu abokufika, ukuze baqashe emizini yabo. Uma sebeqashile bavula izipaza kubengathi bayadayisa kanti sebedayisa nezidakamizwa. Abokufika abalapha ngokungemthetho ngithi gede!! abahambe babuyele emazweni abo ngoba baniqedela imisebenzi futhi baqeda nemishanguzo ezibhedlela nasemitholampilo okusuke kuhlinzekelwe nina. Ngiyanxusa malunga omphakathi ukuthi uma kukhona abokufika enibaziyo ukuthi abanawo amaphepha babikeni ukuze baqoqwe bahambe ngoba lukhona uhlelo lokuthi bahanjiswe,” kusho uNdunankulu.
UNdunankulu uphinde washayela ihlombe uhulumeni wobumbano KwaZulu-Natal wathi imisebenzi yawo iyabonakala njengoba sekudaleke amathuba omsebenzi angu-54 000, umnotho wakhule ngo-0,8% nemisebenzi engu-60 000 esazovela.
Ube esezwakalisa ukukhathazeka kwakhe ngokwanda kwezigameko zokuhlukunyezwa kwabesifazane kanye nezingane wathi lesi sihlava sesiyinsakavukela umchilo wesidwaba, kufanele kuliwe naso.