SELUSEZITHEBENI KU-MKHWANAZI ELOKUBULAWA KWABANTU EMPUMALANGA

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli eduduza amalunga omndeni akwaMbongwa.
IZITHOMBE: ZANDILE SHANGE

AMAVOLONTIYA ezinhlaka zokuphepha komphakathi athi agqemeke engeqiwa ntwala ngokubulawa kukaMnuz Mbongwa.
NOMCEBO NGEMA
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli wethembise ukuhlela umhlangano ophuthumayo namalunga omphakathi kanye namaphoyisa ukuze babhunge ngamasu okuqeda ubugebengu, kulandela ukubulawa kwamalunga ezinhlaka zokuphepha komphakathi, ku-ward 4 eHammarsdale.
Lokhu uNdunankulu uNtuli ukusho ngesikhathi ethula inkulumo kwinkonzo yomngcwabo kaMnuz Muzi Mbongwa, obeyivolontiya elilwa nobugebengu emphakathini.
UMnuz Mbongwa ubekwe endlini yakhe yokugcina ngoMgqibelo kulandela ukudutshulwa kwakhe ngentululwane yezinhlamvu kuyona leyandawo.
“Ukudlula emhlabeni kukaMnuz Mbongwa akulimazanga umndeni kuphela kodwa kulimele wonke umphakathi. Mama Mbongwa ngiyabonga kakhulu ukuthi uvumele umyeni wakho avikele nina mndeni wakhe kanye nomphakathi wonke, ngiyazi kubuhlungu kodwa ngithi duduzeka. Kungiphatha kabi ukuthi sekuzoba nomama ongenamyeni, kube nezingane ezingenababa ngenxa yabantu abangenawo unembeza abahlalise lubhojozi umphakathi ngobugebengu,” kusho uNdunankulu.
Ube esekhuthaza amalunga abhekelele ukuphepha emphakathini (Community Policing Structure) abasebenze ngokuzikhandla noMnuz Mbongwa ngokuthi bangapheli amandla njengoba ethembise ukuba nomhlangano nomphathisiteshi samaphoyisa aseHammarsdale kanye noMkhuzi waMaphoyisa esifundazweni uLt General Nhlanhla Mkhwanazi.
Ukhuze umphakathi ngokuthi ungabeki ipolitiki phambili uma ufuna ukunqoba lempi obhekene nayo ngoba izobahlukanisa phakathi. “Ngiyakhuza bantu bakithi musani ukubulala amavolontiya namaphoyisa. Maphoyisa ngicela nilisukumele phezulu leli cala, umbulali kaMnuz Mbongwa nenze ngaye isibonelo ngesenzo asenzile,” kuphetha uNdunankulu
