BAZOBHEMA BAKHOLWE KWI-Asiphephe GOSPEL FESTIVAL

U-AYANDA Ntanzi izokuba ecula EMandeni Asiphephe Gospel Festval. ISITHOMBE : BEACH FEST
ZETHU PHOSWA
ATHENGWA okwamakhekhe ashisayo amathikithi eMandeni Asiphephe Gospel Festval, ezokuba eSibusisweni Hall eMandeni ngoLwesihlanu kusuka ngehora lesithupha ntambama.
UDJ Kotini okunguye ohlela le ndumezulu yefestival yomculo ngaphansi keeKotini Communication & Event, uthi inhloso ukudumisa, ukunikeza intshumayelo nokukhuleka, ukuze kuvalwe umkhokha wezingozi ezenzeka kule ndawo.
“Le festival akuyona nje ejwayelekile njengoba kuzoqala izintshumayelo zabefundisi abahlukene. Uma abefundisi sebeqedile bazoyiphonsela abaculi okuyibo abazokwenza indumiso, “ kusho uDJ Kotini.
Uveze ukuthi abaculi bazocula bukhoma nokuyikhona okuzoncengwa ngayo uNkulunkulu ukuthi ahlelise umoya, abantu baphephe ezingozini.
“Size nento ehlukile, silethe abaculi abasezingeni, kanti kuningi nokuzomangaza okuzokwenza uma usungaphakathi izizwe ulaphekile futhi ugcwele indumiso. Wonke umuntu uzophuma ebusisekile futhi egculisekile, “ esho.
Abaculi abazosina bededelana, kubalwa u-Ayanda Ntanzi, u-Abu Noah, uJumbo, uSabatha Mthethwa, uSindi Ntombela, uPhindy P nabanye.
Amathikithi ayatholakala eComputicket nase-Shoprite, aqala kuR200, R250, R300, iVIP yona uR500 kanti esangweni uzoyithola ngo-R700.
Lo mcimbi ixhaswe uMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMasipala wakwaDukuza nabanye.
