Uncategorised

SELUSONDELE USUKU LWESIGAMEKO INKKASI XPERIENCE

ABACULI kanye nabaphathi bohlelo abazobe beshiyelana inkundla mhla ziyi-15 kuZibandlela.

NOMCEBO NGEMA

BABHEME bakholwa abathandi bomculo nobumnandi njengoba bekusha ingoma, kusha umdanso, kwa-Wiseman Carwash & Shisanyama KwaMashu, emcimbini wokugqugquzela abantu ukuthi baqhubeke bathenge amathikithi wendumezulu yomcimbi i-INKKASI Xperience Festival.

UPhilani Ngwenya odume kakhulu ngelikaSplash ongumsunguli we-IKasi Lami okuyinkampani ehlela lo mcimbi, uthi kuncane kakhulu lokhu okubonwe abantu izolo, uthi kukhulu kuyeza mhla ziyi-15 kuZibandlela, ePrincess Magogo Stadium KwaMashu njengoba iziteji zizobe zimbili abaculi abehlukahlukene beshiyelana inkundla kuzona.
“Lo mcimbi wakulonyaka uzoqopha umlando ngoba uzoba neziteji ezimbili futhi kuzobe kudlala uDj Maphorisa noKabza De Small okokuqala nqa elokishini laKwaMashu. Ngithanda ukukhuthaza abantu ukuthi baqhubeke bathenge amathikithi ukuze bagweme ukuphoxeka ngomzuzu wokugcina,” kusho uNgwenya.

Lo mcimbi ungowe-11 kulo nyaka wenzeka, awugcini ngokuqasha abaculi kuphela kodwa uphinde udale amathuba omsebenzi kubantu baKwaMashu, Ntuzuma naseNanda, kuphinde kuhlomule nosomabhizinisi bendawo.

Abaculi abashiyelane inkundla kulo mcimbi kubalwa uDj Cndo, Dj Tira, Dj HappyGal, Babes Wodumo, uMgilane kanye nabanye abaningi.
Ngosuku lwesigameko olukhulu abaculi abazoshiyelana inkundla uMawhoo, uDj Maphorisa, uKabza uDe Small, uMorda, uDuncan, uZakwe, uNtencane, Dj Sonic, Caiiro nabanye abaningi.
Abaphathi bohlelo ilaba uNgizwe Mchunu, uBingelela, uMdonso, uThah Simelane, uScrewdriver noMzwezwe.
Amathikithi ayatholakala eTicketPro.