Uncategorised

ZIBUYELE ENKANTOLO IZELAMANI EZISOLWA NGOKUSOCONGA U-AKA

IZELAMANI zakwaNdimande ezibuyela enkantolo namhlanje. ISITHOMBE: FACEBOOK.

NOMCEBO NGEMA

ZIBUYELA eNkantolo kaMantshi eThekwini namhlanje izelamani zakwaNdimande ezisolwa ngokubulala umrepha wakuleli uKiernan “AKA” Forbes nomngani wakhe uTebello “Tibz” Motsoane.

USiyabonga nomfowabo uMalusi Ndimande basolwa ngokudubula babulale u-AKA noTibz, ngaphandle kwendawo yokudlela i-Wish kuFlorida eThekwini, ngonyaka ka-2023 kuNhlolanja.

Namhlanje kulindeleke ukuthi abameli babo bafake isicelo, sokuthi inkantolo ibanike imininingwane ethile maqondana nokubuyiswa kwabo kuleli.
Lezi zelamani zabuyiswa kwelakuleli zivela eSwatini ngonyaka odlule, namhlanje zizobe zivela okwesithathu eNkantolo kaMantshi eThekwini.
Kwatholakala ukuthi kunamanye amacala ababhekene nawo, okubalwa awokuzama ukubulala, amane okubulala, ukuphatha izibhamu nezinhlamvu ngokungemthetho, nokushushumbisa imali.