Uncategorised

KUXWAYISA UMPHAKATHI NGOMUNTU OGWAZISA NGAMATHENDA KAHULUMENI

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ngakwesokudla noMphathi wezokuXhumana uMnuz Bongani Gina, banxusa osomabhizinisi ukuthi bangabi izisulu zokuqolwa. ISITHOMBE: KZNOTP

NOMCEBO NGEMA

UHULUMENI waKwaZulu-Natal unxusa osomabhizinisi nomphakathi, ukuthi bashaye indiva izicelo zokuthi bakhokhe isamba semali esithile ukuze bathole amathenda okanye umsebenzi kahulumeni.

Lesexwayiso siza emva kokuthi uMnyango wezokuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi, ongaphansi kwehhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, lilunywe indlebe ngomuntu oyenga abantu obathembisa amathenda uma bemkhokhela.

UMphathi wezokuXhumana KwaZulu-Natal uMnuz Bongani Gina uthi
bayaziqhelelanisa, uMnyango awuhlangene nalomuntu oyenga abantu, awusebenzisani naye ukwenza lobu bugebengu.

“Ukuthembisa osomabhizinisi amathenda ngokubacela imali kuyinkohlakalo, futhi kungukuphula umthetho. UMnyango wezokuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi usebenza ngokulandela imithetho, imiqathango nemigomo ngokwe-Public Finance Management Acts, ngakho awusoze wajuba umuntu ukuthi acele imali kosomabhizinisi ukuze bathole amathenda,” kusho uMnuz Gina.

Uqhube wathi osomabhizinisi nomphakathi abazishaye indiva izicelo zokuthi bakhokhele amathenda noma umsebenzi kahulumeni.
Uphinde wanxusa abantu ukuthi babike lezi zenzo zenkohlakalo kulenombolo ethi: 033 341 9301 okanye bathumele i-email ku: whistleblowing@comsafety.gov.za