Uncategorised

UDEDELWE NGEBHEYILI UXOLANI WE-SIZOK’THOLA

UDEDELIWE yinkantolo uXolani Khumalo weSizok’setha ISITHOMBE: ACTIONSA

NOMCEBO NGEMA

UDEDELWE ngebheyili ka-R2000 uXolani Khumalo, ongumethuli wohlelo lukamabonakude iSizok’thola ophinde abe ikhansela leqembu lepolitiki i-ActionSA.

UXolani udedelwe inkantolo kaMantshi yase-Palm Ridge izolo, kulandela ukuzinikela kwakhe esiteshini samaphoyisa eKatlehong, eGoli, ngamacala okuthiwa wavulelwa wona okungelokushaya kanzima, nokukhomba ngesibhamu ngoZibandlela ngonyaka odlule.

Ukuzinikela kukaXolani kulandela ukuputshuka kwemininingwane okusolwa ukuthi yaputshuka kwabakwasidlodlo, eyayiveza izinhlelo zokumbopha mayelana nesigameko esithinta umsolwa odayisa izidakamizwa.

Ethula inkulumo yakhe uXolani ngaphandle kwenkantolo, uthe uyayemukela ibheyili ayinikwe inkantolo.

“Lokhu okwenzeka namhlanje kungukuphazamisa umsebenzi wokubuyisa isithunzi nokuphepha kwizikhamuzi ezilahlwe abantu abaphezulu, abangenalo iqiniso nabagcwele inkohlakalo,” kusho uXolani.

Okhulumela i-ActionSA uLerato Ngobeni, ugxeke indlela leli cala eliphethwe ngayo, wagxeka nendlela umthetho osebenza ngayo, njengoba inkantolo ike yasikaza ukugquma uXolani esitokisini.

“UXolani ungowakuleli uyawazi futhi uyawuthobela umthetho wakuleli lizwe, yingakho elwela abantu baseNingizimu Afrika nabaseKurhuleni,” kusho uLerato.