ISILILO KUDLULA EMHLABENI UMANDLA “NJINJI” MAGWAZA WO-UKHOZI FM

UMANDLA “Njinji” Magwaza ongasekho emhlabeni. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
ZISHIYE abaningi beshaqekile izindaba zokudlula emhlabeni kwesilomo somsakazi wo-Ukhozi FM, uMandla “Njinji” Magwaza obeneminyaka engama-42 ubudala.
Ngokwesitatimende esikhishwe umndeni sithi lo msakazi udlule namhlanje ngezikhathi zasekuseni, ngemva kokuxinwa ukugula isikhashana.
“Umndeni wakwaMagwaza usashaqekile ngokudlula emhlabeni kwendodana yawo uMandla, ubengubhuti, engubaba, engumyeni aphinde abe ilunga lomndeni, uMandla wazalwa mhla ziyi-8 kuZibandlela ngonyaka ka-1984. Udlule emhlabeni namhlanje esibhedlela ngezikhathi zasekuseni, kulandela kokuxinwa ukugula isikhashana. Umndeni ucela isikhathi sangasese ngalesikhathi esinzima. Inkonzo yesikhumbuzo neyokumbeka endlini yakhe yokugcina izomenyezelwa maduze,” kusho isitatimende.
Umndeni ube usudlulisa amazwi okubonga kuwona wonke umuntu obakhombisa uthando ngalesikhathi, ukubeseka nokubapha amazwi enduduzo ngalesikhathi esinzima ababhekene naso.
“Phumula ngokuthula Njinji, phumula ngokuthula Mabhulubhense, Manqondo, Yengwayo, wena wakaJika bakhothame,” besho.
UKhozi belungakaphawu ngokudlula emhlabeni kukaNjinji.
