UNANDO’S UHLAWULISWA U-R850 000 NGOKUSEBENZISA INGOMA KA-BRENDA FASSIE

UNOTA Baloyi ubopha uNando’s ngokusebenzisa ingoma kaBrenda Fassie. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
UNOTA Baloyi ufuna inhlawulo yemali eyinani loka-R850 000, esitolo esikhulu senyama echochombalisiwe uNando’s, kulandela ukusebenzisa ingoma kaBrenda Fassie esihloko sithi “Vuli Ndlela” uma kudlala isikhangiso sayo.
UNota uthi uNando’s kulengoma upike uKwesta, kanti uyena onegunya lokuvuma ukuthi ingoma isetshenziswe noma cha.
Uthi uNando’s awukaze uxhumane naye okanye ukhokhele ukusebenzisa ingxenye yalengoma.
Ukuphumela obala kukaNota sekwenze abantu bahlukana kabili ezinkundleni zokuxhumana, njengoba abanye besishayela ihlombe isenzo sakhe sokuvikela umsebenzi kaBrenda, abanye bemgxeka ngesenzo sakhe.
