Uncategorised

INQOPHAMLANDO UMNYANGO WEZEMPILO UQASHA 5000 WONOMPILO E-KZN

OMUNYE wonompilo egiya eqephuza emva kokuthola incwadi eqinisekisa ukuqashwa kwakhe ngokusemthethweni.

UNGQONGQOSHE woMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uNksz Nomagugu Simelane ehalalisela unompilo ngokumanga. ISITHOMBE: KZNDOH

NOMCEBO NGEMA

KUQHUME umkikizo kwashawa amakhwela ngesikhathi uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, oholwa uNgqongqoshe uNksz Nomagugu Simelane uqasha ngokugcwele onompilo abayi-5000 esifundazweni, ngesikhathi kunomcimbi wokubanika izincwadi eziqinisekisayo ePrincess Magogo Stadium izolo, KwaMashu.

Lolu suku lwenjabulo belubhekwe ngamehlo abomvu ngonompilo baKwaZulu-Natal , ukuthi baqashwe ngokugcwele emnyangweni, ngemuva kokusebenze iminyaka eminingi njengamatoho.

Ngesikhathi uNgqongqoshe uSimelane ethula inkulumo, uthi lolu olunye udaba azithela phezu kwalo ngesikhathi ejoyina lo mnyango njengoNgqongqoshe.

Uveze ukuthi ube eselisukumela phezulu, wafika esigabeni sikazwelonke.

“Kuthe makuvela ukuthi kunenkinga yezimali kuzwelonke ngabe sengiludlulisela kuMnyango kaMgcinimafa. Namhlanje kuyajabulisa ukubona izithelo zempumelelo. Lolu suku lokuqashwa ngokugcwele konompilo lungolubalulekile kakhulu kwikhalenda yoMnyango wezeMpilo ngoba onompilo bayisisekelo sohlelo lwezempilo lokuhambela baphinde basondeze izinhlelo zezempilo emphakathini, nokuqinisa amaxhama okusebenzisana nemiphakathi ukuletha ezempilo umuzi nomuzi ikakhulukazi ezindaweni eziqhelelene nemitholampilo,” kuchaza uNgqongqoshe Simelane-Mngadi.

Ube esekhuthaza onompilo ngokubaluleka kokusebenza ngobuqotho, nokwamukelwa kohlelo lomnyango oluzoqhakambiswa kakhulu kulonyaka lokunakekelwa kwesiguli ezibhedlela nasemitholampilo oluzokwaziwa ngokuthi “NJENGOWAKWETHU” #SizokunakekelaNjengowakwethu.
Kulo mcimbi kuphinde kwaqhakambiswa nosikompilo lomnyango lokuthi wonke umsebenzi womnyango uzoqikelela ukubeka isiguli phambili, asinakekele njengoba naye ebengafisa ukunakekelwa uma egula, noma ngendlela abengafisa abakwabo baphatheke ngayo uma begula.