Uncategorised

UNGOWESIFAZANE OPHOKOPHELA UKWENZA UMEHLUKO ENTSHENI NAKWABESIFAZANE

UMENEJA waku Masipala waseBaqulusini, uthi akukho okumphatha kahle njengokubona enza umehluko emphakathini. ISITHOMBE:ABAQULISI

ZETHU PHOSWA

UTHI njengomuntu wesifazane osebenzela umphakathi, ayikho into emjabulisa njengokwenza umehluko emphakathini, uMenenja kaMasipala waseBaqulusini uNkk S’bonga Dlamini.

Lokhu ukusho ngesikhathi kumomcimbi owenziwe uMasipala waseBaqulusini wokuklomeliswa abafundi, izolo eCecil Emmet eVryheid.

Uthi inhliziyo yakhe uyizwa ithobeka kakhulu uma enza umehluko emphakathini, ikakhulukazi ozokuba nomvuzo wokuthuthuka kwentsha nabesifazane.

“Ukuphumelela kahle kwenu bafundi kusenze saziqhenya futhi nibeke lo masipala kubalazwe. Engingakusho ukuthi uma seniphumelele nize ningakhohlwa lapha niphuma khona. Yini abaholi bakusasa kufanele niqhakazise indawo yangakini, niphinde nibe yingxenye ekuthuthukiseni umnotho, ” kubeka IMenenja Dlamini.
Ube esekhuthaza intsha yabesifazane ukuthi ingazitheli ngabandayo, ihlome ngemfundo ukungena ezikhundleni eziphezulu.

Lo masipala waseBaqulusini ulekelele abafundi abangama-60 abadonsa kanzima emakhaya, ukuze bayoqala ezikhungweni zemfundo ephakeme ngemali engango-R5000 umfundi ngamunye.