Uncategorised

UZOBONAKALA ENKUNDLENI KUNGEKUDALA OWESUNDOWNS

UMothobi Mvala osehlale isikhathi eside engadlali ngenxa yokulimala idolo.
ISITHOMBE : Mamelodi Sundowns

MALIBONGWE MAZIBUKO

UMDLALI wasemuva weMamelodi Sundowns, uMothobi Mvala, kubikwa ukuthi useduze nokubuyela ekuzilolongeni neqembu yize kusalokhu kunokungaqiniseki ngekusasa lakhe eChloorkop.
Umqeqeshi weSundowns, uMiguel Cardoso, usanda kunikeza isibuyekezo esicacile ngesimo sokulimala kwalo mdlali oneminyaka engu-31, odlala ezindaweni ezahlukene emuva. UMvala usezinyangeni eziyisithupha zokugcina zenkontileka yakhe ezophela ekupheleni kukaNhlangulana 2026. Ngesizini edlule, iSundowns iqoke ukwelula inkontileka yakhe ngonyaka. Lokhu kusho ukuthi usevumelekile ngokomthetho ukusayina inkontileka yesibambiso nanoma yiliphi iqembu elimfunayo.
Isizini ka-2025/26 kaMvala iphazanyiswe kakhulu wukulimala edolweni okumphoqe ukuthi aphuthwe imidlalo ye-AFCON eMorocco. UCardoso udalule ukuthi kube nezindlela zokwelashwa ezibambezele ukubuyela kwakhe enkundleni.
Nokho, lo mqeqeshi wasePortugal uveze ukuthi uMvala usesigabeni sokugcina sokululama, futhi kulindeleke ukuthi aqale ukuziqeqesha ngokugcwele neqembu emasontweni ambalwa azayo.