INJABULO KUMPHAKATHI UFAKELWA UGESI EBAQULUSINI

IMEYA kaMasipala Abaqulusini, eVryheid uCllr S’fiso Mkhwanazi ngesikhathi ethula usonkontileka. ISITHOMBE: ABAQULUSI MUNICIPALITY
NOMCEBO NGEMA
INJABULO ibibhalwe emehlweni kumalunga omphakathi akuMasipala waseBaqulusini ku-Ward 2 , eDunduluzi eVryheid ngesikhathi iMeya uCllr S’fiso Mkhwanazi ethula ngokusemthethweni usonkontileka ozofaka ama-solar panels njengoba le ndawo ingakaze ibe nawo ugesi phambilini.
IMeya ithi inethemba lokuthi izakhamuzi zakulendawo zizosizakala kakhulu ngalama-solar panels, asebenza ngobuchwepheshe kuphahla lwendlu, oludonsa kwimisebe yelanga uma libalele ebese uyaguquka kuba ugesi wasendlini wamahhala.
IMeya iveze ukuthi imizi eminingi ku-ward 2 ayikaze ibe nawo ugesi phambilini, wathi lokhu kuyisiqalo esisha futhi esihle kulomphakathi. “Kunezifundo zezikole ezifundwa kumabonakude okubalwa iMathematics iPhysical Science nezinye, izingane ezihlala ezindaweni ezinogesi zizibuka bukhoma, lezi zinhlelo ebese zenza kahle kakhulu kwimiphumela yokuphela konyaka. Bekusiphatha kabi ukuthi lezi zaku-ward 2 azikwazi ukubuka lezinhlelo zezemfundo ngoba azinawo ugesi emakhaya,” kusho iMeya uMkhwanazi.
IMeya uMkhwanazi ithi endaweni yaseMhlabaneni kuzofakelwa imizi eyi-18, ebese kuthi Kwahlushwana kufakelwe imizi eyi-10.
