Izindaba

UMKHIWANE USIZA UKWAKHA IGAZI KUMUNTU

ZETHU PHOSWA

KUNEZIHLAHLA nezithelo abantu abaningi abangazinaki  kodwa okuthi uma bezidlile zibe wumuthi emzimbeni womuntu, ngale kokuthi zithakwe nemithi ethize.

Umkhiwane isihlahla esiwumnsinsi wokuzimilela eNingizimu Afrika, lokho kufakazelwa wukuthi  kuze kwaba khona isaga esisuselwe kwisithelo sawo ethi: “Ikhiwane elihle ligcwala izibungu”, kanti lesi sihlahla sitholakala ezingxenyeni zezindawo ezizwela ukubanda kakhulu uma kusebusika.

UMnu Sbu Tembe ongumelaphi wendabuko, uthi isiqu salesi sihlahla siqukethe izakhamzimba ezilekelela ukwakheka kwegazi emzimbeni.

UMnu Tembe uthi phambilini abantu bebephila impilo engenazifo uma kuqhathaniswa nesikhathi samanje, ngoba bebedla izithelo ngokwahlukana kwezikhathi zonyaka, futhi bezidla zingafakwe makhemikhali athize ukuze zivuthwe.

“Umkhiwane isihlahla esingumuthi ukusiza umuntu oshodelwa yigazi emzimbeni. Isiqu salesi sihlahla siqukethe umsoco nezakhamzimba okulekelela ukwakheka kwegazi emzimbeni. 

“Sisiza ukulekelela ukwakheka kobisi kowesifazane obelethile ongenalo ubisi. 

Usiza  ukwakha ubisi kwinkomo eyisigqala, nakuleyo ekhiqiza ubisi oluyisithubi,” kuchaza uMnu Tembe.

Uveze ukuthi eminye imithi eyelapha abantu, iyaye ingehluki noma isisetshenziselwa ukwelapha isilwane, ngendlela efanayo.

“Umkhiwane uyaye uxetshulwe igxolo lawo, bese ubiliswa isikhathi esithize, upholiswe bese ube yisiphungo kumuntu, inkomo yona iyaye iphuziswe ngaleso sikhathi kuphela.  

“Lesi siphungo somkhiwane siphinda silekelele ukuvula isifuba esicinene kumuntu. Uma usuphekiwe kuphuzwa uhhafu wengilazi kabili ngosuku,” esho kanje.

Uthi isithelo ikhiwane, lona liyasiza kakhulu ukwelapha umkhuhlane, odalwa ukushintsha kwesikhathi sonyaka.

“Uma isithelo somkhiwane sisetshenziselwa ukwelapha umkhuhlane, siyaye sithanyeliswe esigcakini ukuze kwenzeke amanzi aso (inkovu), eyijusi eningana. 

“Leyo nkovu iyathathwa ihlanganiswe noju, bese kube wumuthi womkhuhlane. 

“Le ngxubevange yojusi wekhiwane noju, ilekelela ukuqinisa  amasosha omzimba, ukuze umzimba ukwazi ukulwa namagciwane adala umkhuhlane. 

“Kuphinda ukusize ukuvikela nokuqeda ukukhwehlela, ” kuchaza uMnu Tembe

Uphinde wathi isithelo somkhiwane siyasiza ukuthi umuntu angasongelani.

newsroom@umusamedia.co.za