Izindaba

UKUNTULEKA KWEMISEBENZI KUPHENDULE INTSHA IZIGQILA ZABANTU BOKUFIKA KULELI

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli ekhuluma nomunye wabasebenzi ngesikhathi egasele ezitolo zabokufika kuleli eMgungundlovu.
IZITHOMBE: KZNOTP

OWAMI THABETHE

UKUNTULEKA kwemisebenzi imisebenzi sekuholele ekutheni intsha yaKwaZulu- Natal, ivumele ukuba yizigqila zabantu bokufika kuleli.

Lokhu kuvele ngesikhathi uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thamsanqa Ntuli, egasele ezitolo zokudla zabokufika kuleli eMgungundlovu ngoLwesibili, mhlaka 01 kuMandulo 2026.

UNtuli ubeqhuba
umkhankaso wokukhuculula abakuleli ngokungemthetho, obizwa ngokuthi ‘Engangeni Ngesango Iyafohla’, okuvele ukuthi yakuleli isebenzela abokufika ezitolo zokudla, lapho bexhashazwa khona ngenxa yokuswela umsebenzi.

Owesifazane, ongathandanga ukudalula igama lakhe, uthe indlala ibaxosha emakhaya, baze baqome ukusebenzela abantu bokufika yize besebenza ngaphansi kwezimo ezinzima.

“Sisebenza amahora ayi-13 ngosuku, singena ngehora lesi-7 ekuseni, size siphume sekushaye elesi- 7 ntambama, kodwa siholelwa imali engango R100 ngosuku,” echaza.

UNdunankulu uNtuli uthe njengohulumeni wesifundazwe bazoqhubeka nokubeka inhlalakahle yabantu eqhulwini.

“Kuyasikhathaza ukubona izingane zethu ziphenduka izigqila zabantu bokufika. Njengobuholi besifundazwe sizoyilwa lempi kuze kube sekugcineni. Silwela inhlalakahle yabantu bethu” kuchaza uNtuli.