Uncategorised

ITHEKU LIDLE UMHLANGANISO KWI-PREMIER’S NETBALL CUP

UNGQONGQOSHE uMnuz Mntomuhle Khawula ekhuluma nabadlali bebhola lomnqakiswano.

IBEACH Blitz enqobe umncintiswano kuma- Premier’s Netball Cup. IZITHOMBE: DSAC

NOMCEBO NGEMA

AGADULISANE kwamanzi phansi amaqembu amabili ebhola lomnqakiswano labesifazane laseThekwini nelase King Cetshwayo, ebesemzuliswaneni wamanqamula kwi-Premier’s Netball Cup, rmcimbini oqale ngoLwesine waphela namhlanje, e-Manguzi Multipurpose Centre.

I-Inkosi All Stars yaseKing Cetshwayo, okuyiyona eyathatha isicoco ngonyaka odlule, ikhale ngaphansi ngamaphuzu angu-33, kwathi iBeach Blitz yakuMkhandlu iTheku yanqoba ngo-47.

UNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo, ezamaCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMnuz Mntomuhle Khawula, uthi bajabule kakhulu ukuba nemidlalo ebizwa ngoNdunankulu, ebangwa imikhandlu eyi-12 KwaZulu-Natal. “Afikile wonke amaqembu aqhamuka ngaphansi kwalemikhandlu. Ube muhle kakhulu umzuliswano wamanqamu phakathi kuMkhandlu weTheku, neKing Cetshwayo nokugcine kunqoba iTheku, kwalandela iKing Cetshwayo kwase kuthi iHarry Gwala yalala isithathu. Lo mncintiswano ubaluleke kakhulu ngoba uyabacija, bese kuqokwa abanga-32 abazomela iKwaZulu-Natal kwi-National Telkom League. Sizoya lapha singamathimba amabili aKwaZulu-Natal, okuyiKingdom Stars neKingdom Queens,” kuchaza uNgqongqoshe.
Uqhube wathi laba abangama-40 abaqokiwe basazoya ekhempini ebese kuyahlungwa, kusale abangama-32 okuyibona abazoya komela iKwaZulu-Natal kuzwelonke.
Uthi umsebenzi obahlalele manje ukuthi babeseke ukuze bezobuya nendebe yalapha KwaZulu-Natal. Ube esebonga uMengameli we-KZN Netball uNkk Gugu Ngema ngamagalelo akhe, nakubo bonke abenze lo mncintiswano waba impumelelo. Uthembise ukuthi bona njengohulumeni bazohlale besemvakwabo njalo, ukuze benze isiqiniseko sokuthi ezemidlalo KwaZulu-Natal zisezingeni eliphezulu.