Uncategorised

ISIFO SIHLEHLISE OWAMATSHWELELE FESTIVAL

UPAPA G odlulelwe umfowabo emhlabeni. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

AHLEHLELE umhla zingama-23 kuNhlaba kulonyaka, Amatshwelele Festival, okungumcimbi othandwa abaningi ngokukhuthaza ukuziphatha kahle kwamantombazane nokugcina ubuntombi bawo.
Lokhu kulandela ukuthi umhleli walomcimbi uNkosikhona “Papa G” Gumede eshonelwe umfowabo.
“Sibone kubalulekile ukuthi siwumise kancane lo mcimbi ukuze sikwazi ukuzila. Siyathembisa ukuthi sizobuya namandla amasha, nengqophamlando yomcimbi onilungele. Siyabonga ukuqonda isimo esibhekene naso, uthando enisipha lona kanye nokuseseka,” kusho uPapa G.