USOLA I-VAR OWE-STADE MALIEN BEGUQISWA KWICAF

UMAURIL Njoya akayizwa eyeMamelodi Sundowns esizwe yi-VAR ukuguqula amagoli abephikiwe.
ISITHOMBE: Lorenz Kohler
MALIBONGWE MAZIBUKO
UMQEQESHI weStade Malien, uMauril Njoya, ugxeke ukusetshenziswa kwe-Video Assistant Referee (VAR) ngemuva kokuthi iqembu lakhe lishaywe ngo 3-0 yiMamelodi Sundowns emlenzeni wokuqala we-quarterfinal weCAF Champions League eLoftus Versfeld Stadium ngoLwesihlanu ebusuku.
Lo mphumela usushiye ompetha baseMali bebhekene nomsebenzi onzima emlenzeni wesibili ozodlalelwa eBamako ngesonto elizayo, lapho kuzodingeka bashaye okungenani amagoli amathathu bengadedeli lutho ukuze umdlalo uye kumaphenathi.
Amagoli amabili eSundowns ekuqaleni abekhonjwe njenge-offside, kodwa kamuva aguqulwa ngemuva kokungenelela kweVAR, okuyisinqumo esidine kakhulu uNjoya.
UNjoya uthe kusekuningi okufanele kulungiswe ngendlela okusebenza ngayo iVAR njengoba iqembu lakhe livumele amagoli amabili okwakucatshangwa ukuthi awavumelekile ekuqaleni, kodwa iVAR yagcina ivumile ukuthi abalwe.
Yize kunjalo, lo mqeqeshi waseCameroon uveze ukuthi lokho akusho ukuphela komhlaba, wathi basazothola ithuba lokuziphindiselela emlenzeni wesibili eBamako, njengoba iSundowns ikwazile ukushaya amagoli amathathu ePitoli, nalo iqembu lakhe lingakwenza lokho.
UNjoya uphinde waphika ukuthi iSundowns iwine ngenxa yokuthi inolwazi oluningi kunabo, wathi umdlalo webhola unjalo futhi kwesinye isikhathi izinto azihambi ngendlela obucabanga ngayo. Uveze ukuzethemba ngokuthi umdlalo wesibili ngeke ufane nowokuqala futhi wathembisa ukuthi bazolwa ukuze banqobe eBamako, mhlawumbe ngo 3-0, ukuze umdlalo uye kumaphenathi noma baze bashaye amagoli amaningi ukuze baguqule isimo.
