IZA NGESIVININI SENTULO INTUTHUKO KUMASIPALA WASEBAQULUSINI

IMEYA yoMkhandlu waseZululand uCllr Michael Khumalo neMeya kaMasipala waseBaqulusini uCllr Sifiso Mkhwanazi ngesikhathi kuqhubeka umcimbi.

OSOMABHIZINISI bendawo abahlomule ngezinsiza kusebenza kumabhizinisi abo. IZITHOMBE: ZDM
NOMCEBO NGEMA
INJABULO ibibhalwe emehlweni kwizakhamuzi zaseZwathi ngaphansi kukaMasipala waseBaqulusini, eVryheid njengoba zizokwakhelwa izindlu zangasese ezisezingeni lesimanje. Lolu hlelo lwethulwe iMeya yoMkhandlu waseZululand, uCllr Michael Khumalo ephelezelwa iMeya kaMasipala waseBaqulusini uCllr Sifiso Mkhwanazi.
IMeya uCllr uKhumalo uthi lezi zindlu zangasese zizodla imali engango-R29 million, ngoba inhloso yabo ukwakhela izakhamuzi izindlu zangasese eziphephile futhi ezisezingeni lesimanje manje.
IMeya iphinde yathula ngokusemthethweni usonkontileka ozobheka lo msebenzi, okuzohlomula uward 4, 12, 15 kanye no-17 kuMasipala waseBaqulusini.
IMeya ayigcinanga ngokwethula izindlu zangasese kulendawo, kodwa iphinde yanikela ngezinsiza kusebenza ukulekelela osomabhizinisi abasebasha ukuze bazithuthukise okubalwa imishini yokugunda utshani, imishini yokuthunga, ijezi lebhola entsheni egxile kwezemidlalo nokudla kogogo.
