KUQINISWE EZOKUPHEPHA EMGWAQENI EFILIDI

IMEYA kaMasipala waseBaqulusini uCllr Sifiso Mkhwanazi noNkk Sbonga Dlamini beyala abashayeli ngokubaluleka kokuphepha.

AMAPHOYISA omgwaqo aseVryheid ayalwe ngokungayihleki into engahlekisi kwizephulamthetho. IZITHOMBE: ABAQULUSI MUNICIPALITY
NOMCEBO NGEMA
UMASIPALA waseBaqulusini oholwa iMeya uCllr Sifiso Mkhwanazi, uphume umkhankaso wokugqugquzela ukuphepha emgwaqeni njengoba kuqala impelasonto ematasa yePhasika.
Ngesikhathi kuqhubeka lo mkhankaso iMeya itshele amaphoyisa omgwaqo kanye nalwa nobugebengu emphakathini, ukuthi awangabi nomusa kubashayeli abashayela bephuze uphuzo oludakayo.
“Ngifuna umthetho uqine kakhulu kulesi sikhathi, ningayihleki into engahlekisi kwizephulamthetho. Umthetho awudlale indima yawo kunoma ngabe ubani owephulayo, ngisho nami uqobo uma ngenza okungalungile ningangabazi ukwenza umsebenzi wenu,” kusho iMeya uMkhwanazi.
Iqhube yathi izingozi eziningi ezenzekayo ngalesikhathi samaholidi zidalwa abashayeli abashayela bephuze uphuzo oludakayo.
Uthi lesikhathi sihlanganisa imindeni ngakho izingozi ezidalwa ubudedengu obungagwemeka azivumelekile, ngoba ziphuca imindeni injabulo.
“Nginxusa nabahamba ngezinyawo ukuthi baqaphele ngaso sonke isikhathi. Ezinye izingozi zidalwa abahamba ngezinyawo bephuze uphuzo oludakayo ebese bengabe besazibona izimpawu zomgwaqo,” kuphetha iMeya uMkhwanazi.
Kulo mkhankaso iMeya ibiphelezelwa uMunicipality Manager uNkk Sbonga Dlamini, amaphoyisa omgwaqo, amaphoyisa alwa nobugebengu emphakathini nabezinhlekelele.
