Uncategorised

ISICELO SOKUSUSWA KUKA-CAT MATLALA EJELE E-KOKSTAD

UCAT Matlala okufakwe isicelo sokuthi asuswe ejele eKokstad ayiswe ejele iKgosi Mampuru. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

I-INVESTIGATING Directorate Against Corruption (IDAC), ifake isicelo sokuthi usomabhizinisi osolwa ngoxhaxha lwamacala, uVusimuzi “Cat” Matlala adluliselwe ejele laseKgosi Mampuru ePitoli, asuswe ejele eliphezulu ngezokuphepha eKokstad zingakapheli izinsuku ezingama-96.

I-IDAC ithi lokhu kuhloswe ukuqinisekisa ukuthi uyavela ngampela enkantolo mhla zingama-20 kulenyanga. UMatlala ubhekene namacala amaningi okubalwa ukuzama ukubulala owayeyintombi yakhe uTebogo Thobejane, awenkohlakalo nezinkontileka zikahulumeni ezingekho emthethweni.

Lesi sicelo se- IDAC sesiqubule imibuzo, njengoba abantu abaningi besola ukuthi lokhu kungase kumvumele uCat ukuthi abe nokuxhumana okulula nabantu bakhe ePitoli. Phambilini uCat wabanjwa enomakhalekhukhwini ejele, okwaholela ekutheni adluliselwe eKokstad ngenxa yezokuphepha.

Okwamanje akukacaci ukuthi lesicelo siyamukeleka yini noma cha njengoba abezomthetho nezikhulu zejele bengakaphawuli. Icala likaCat lizoqala ukuthethwa ngoNtulikazi kulonyaka.