UMCHUNU UFIKELWE UMUNYU KUFIHLWA IPHOYISA

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
UGCWALE izinyembezi emehlweni uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuZwelonke, ethula inkulumo kumngcwabo wephoyisa elifele emsebenzini.
Lokhu kwenzeke izolo uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Senzo Mchunu ngesikhathi esenkonzweni yokufihlwa kukaCost Gedion Motloung ePhuthaditjhaba eFree State.
Ukubulwa kwalaba kususe inkulumo mpikiswano ezinkundleni zokuxhunana njengoba bebodwa ababuza ukuthi kungani izigebengu zibulala amaphoyisa kanje.
UMchunu ugqugquzele amaphoyisa ukuthi azilwele nawo Uma ebhekene nrngozi ukuvikela izimpilo za
“Ukubulawa kwephoyisa kungizwisa ubuhlungu obukhulu. Lento yokubulawa kwamaphoyisa izigebengu kufanele kuphele nya. Ukuhlaselwa kwephoyisa kuchaza ukuthi lowo muntu uvukela izwe,” kusho uNgqongqoshe uMchunu.
UCost Motloung kuvele ukuthi abasolwa ngokumbulala ngabantu abakuleli ngokungekho emthethweni baqhamuka eLesotho.
Kuvele ukuthi uveze umuzwa wakhe ngabantu ababa kuleli ngokungekho emthethweni, okuyibo okubonakala bephambana kakhulu nomthetho.
Wathi uyakuqonda ukuthi kumele kunqandwe udlame olubhekiswe lwabokufika.
