UNTULI UTHI AKAZISOLI NGOKUQOKA UKHAWULA

UNDUNANKULU waKwazulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, ethula inkulumo emcimbini wokuklomelisa abenze kahle kwezemidlalo.

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli ebongela uNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula ngokuhola kahle lo mnyango. IZITHOMBE: KZNDSAC
NOMCEBO NGEMA
UNDUNANKULU waKwazulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, ushayele ihlombe uNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo, ezamaCiko namaSiko uMnuz Mntomuhle Khawula, ngokuhola kahle lo mnyango.
UNdunankulu ukhulume kanje ngoMgqibelo ebusuku, ngesikhathi lo mnyango unomcimbi omkhulu wokuklomelisa bonke abenze kahle kwezemidlalo, e-Inkosi Albert Luthuli Convention Centre (ICC).
UNdunankulu uthi bayaziqhenya kakhulu ngalo mnyango esifundazweni.
“Ngesikhathi nginikwa ithuba lokuqoka ukuthi ubani okufanele ahole lo mnyango, ngiyabona ukuthi ngakhetha kahle kakhulu. Isinqumo engasenza asikaze singenzele phansi. UNgqongqoshe uMnuz uKhawula uzivuselele kakhulu ezemidlalo esifundazweni, wabuyisa nothando lwezemidlalo kubantu baKwaZulu-Natal. Uma sinemidlalo lapha esifundazweni inkundla yezemidlalo igcwala phama, lokho kuwuphawu lokuthi ezemidlalo zibuye ngegiya eliphezulu, ngiyakubongela kakhulu Gabhisa,” kusho uNdunankulu uNtuli.
Uqhube wathi ezemidlalo azikho ngezindondo kanye nemiklomelo, kodwa ziyithuluzi elibalulekile elishintsha isimo senhlalo emiphakathini.
Uthi ezemidlalo zikwazi ukuhlanganisa abantu abasha ndawonye.
“Njengohulumeni wobumbano sizibeka eqhulwini ezemidlalo, futhi sizimisele ukuzeseka. Kunesicelo engasicela kuGabhisa sokuthi ngiyafisa ukubona kuthuthuka ezemidlalo KwaZulu-Natal, ikakhulukazi nasezindaweni ezinemiphakathi edonsa kanzima. Nginethemba lokuthi nosomabhizinisi bazoza nabo kubanjiswane ukuze kukhule kuphinde kuthuthuke lo mbono. Asiqhubeke siphakamisele phezulu ifulegi lesifundazwe saKwaZulu-Natal ngokwenza kahle kwezemidlalo. Ngibongela bonke ebebeqokiwe kulomncintiswano kanjalo nalabo abanqobile. Niyasikhuthaza, nisenza sibe imbumba futhi nisinika ithemba. Asiqhubeke sisebenze ngokubambisana ukwakha isifundazwe esinethalente, amaphupho futhi esenza kahle,” kuphetha uNdunankulu uNtuli.
