IDUMELA ONGEZWA ETHWESWA IZIQU E-UKZN

ULONDEKA Phakathi othweswe iziqu zokuba uSonhlalakahla e-UKZN. ISITHOMBE: SITHUNYELWE
AKHONA DLAMINI
UBONGELWE abaningi umfundi ongezwa ezindlebeni uLondeka Phakathi, ngesikhathi ethweswa iziqu zeBachelor of Social Work, eNyuvesi yaKwaZulu Natal (UKZN).
ULondeka uthi wakhetha ukwenza iziqu ze-Social work, ngemumva kokubona ubunzima abhekana nabo uma efisa ukuxhumana nabantu.
Uthi ubeyingxenye yabantu abakhuluma ngezandla, phecelezi iSouth African Sign Language (SASL), abantu abaningi abangayiqondi. “Ngikhule ngiwumuntu osebenzisa izandla uma ngikhuluma, ngabona ubunzima engibhekana nabo uma ngizama ukuxhumana nabanye abantu. Lokho kwangikhuthaza ukuthi ngibe ingxenye yoshintsho,” kusho uLondeka.
Uthi izinselelo abhekana nazo ngesikhathi enza izifundo zakhe, kwaba ilapho okwakumele enze ucwaningo. Uthi into eyayenza kube nzima, ukuthi kwakumele athole izindlela ezintsha zokufunda ukuze aqonde kangcono. Ubonge umndeni wakhe, abangani nomphakathi avela kuwo ngokumeseka nesineka abebenaso.
Uthisha wakhe ophikweni lweDiscipline of Social Work, uDkt Bongane Mzinyane, uthi ukuzimisela kwakhe kwagqama ngalesikhathi. “Ngiyayikhumbula indlela ekade ezimisele ngayo neqhaza abelibambile , singakhohlwa nawusizo lwatolika wakhe wakwa-SASL. Ubehlezi efuna amasu amasha okufunda ukuze aqonde, aphinde acele usizo uma esalela ngemuva. Angingabazi nakancane ukuthi ilokho okwenze waphumelela kwizifundo zeSocial work,” kusho uDkt Mzinyane.
