KUBULAWE IKHANSELA LESIFAZANE E-CHRIS HANI

UCLLR THUMEKA Bitwana odutshulwe emzini wakhe endaweni yaseTshatshu. ISITHOMBE: GOOGLE
PHUMELELE DLAMINI
ISIFUNDA saseChris Hani sishaqekile, kulandela ukudutshulwa kubulawe uCllr Thumeka Bitwana oneminyaka engama-46 ubudala, obeyilungu lekomidi leMeya ngaphansi kukaMasipala weSifunda iChris Hani. UCllr Bitwana udutshulwe izolo esemzini wakhe endaweni yaseTshatshu ngezithuba zehora lesithupha ekuseni.
UCllr uBitwana uchazwe njengomholi obebathanda kakhulu abantu, ezimisele futhi emsebenzini wakhe wokusiza umphakathi, ubeyilungu lokuqina leqembu i-ANC.
“Waqala ukusebenza ngonyaka ka-2000 njengeKhansela lezokuxhumana nomphakathi kuMasipala weseKhaya Intsika Yethu. Ngokuhamba kweminyaka ube eseshintshashintsha izikhundla kwizigaba ezehlukene, waze waqokwa njenge-Portfolio Head of Corporate Services. Ukushona kukaCllr Bitwana kushiye isikhala esikhulu kumasipala kanye nakwi-ANC yonkana,” kusho isitatimende esithunyelwe kwabezindaba.
Amaphoyisa Ophiko lobugebengu obuhleliwe, ayaphenya.
