UMKHWANAZI UVAKASHELE OWESIFAZANE OTHANDA UKUFUYA NEZOLIMO EMONDLO

UNKK Zulu ekhombisa iMeya uMkhwanazi ihhoko lapho akhulisela khona izinkukhu ebese eyazidayisa.

IMEYA uMkhwanazi, uCllr Ngcobo noNkk Zulu bephethe isivuno sikabhontshisi esitshalwa uyena uNkk Zulu. IZITHOMBE: ABAQULUSI MUNICIPALITY
NOMCEBO NGEMA
IMEYA kaMasipala waBaQulusi uCllr Sifiso Mkhwanazi, uvakashele uNkk Gugu Zulu oneminyaka engama-68 ubudala eMondlo, ongumlimi ophinde futhi abe ngumfuyi.
IMeya ivakashele uNkk Zulu ngenhloso yokuzibonela ngokwayo indlu yezinkukhu, athe unayo ukuthi ingakanani, njengoba wayecele uxhaso lwamatshwele ukuze azowakhulisa awadayise.
IMeya izwakalise ukujabula kwayo ngomsebenzi omuhle owenziwa uNkk Zulu. “Ayikho into engijabulisa njengokubona abantu bakithi bekuqonda ukuthi ngomhlabathi nje uwodwa singaziphilisa thina kanye nemindeni yethu. Kungithokozisa kakhulu ukubona uNkk Zulu ukuthi utshalile, igceke ligcwele izitshalo kanye nemfuyo. Ngihlale ngisho ukuthi kungcono ukusiza umuntu ngento ayenzayo nanento anothando lwayo ngoba iyanda futhi iqhubeke,” kusho iMeya ebihluleka ukuzibamba ngenxa yenjabulo.
IMeya yethembise ukuthi kukhona okuzomele ikwenze ukusiza uNkk Zulu. “Ngizocela neminye iminyango efanele ukuthi ingenelele ikakhulukazi uMnyango wezoLimo, okuhle ukuthi bayalazi leli bhizinisi. Uyancomeka kakhulu umsebenzi, yingakho sizoqinisekisa ukuthi uNkk Zulu uyasizakala ngakho konke akudingayo ukuthuthukisa ibhizinisi lakhe,” kusho iMeya.
UNkk Zulu uthi ujabule kakhulu ukuvakashelwa iMeya Cllr uMkhwanazi, uyazi ukuthi lokhu ekuthembisile izokwenza ngoba iMeya ewukhathalele kakhulu umphakathi.
“Njengoba nginaleminyaka enginayo ngisahamba imihlangano yokucobelelana ngolwazi (workshops) eyenziwa uMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya, lapho sifundiswa khona amakhono okutshala kanye nokufuya imfuyo ehlukahlukene. Kumanje ngilindele isitifiketi sokuba ingxenye yokucobelelana ngolwazi obekwenzema emavikini adlule,” kusho uNkk Zulu.
