Uncategorised

KUHALALISELWE IDURBAN CITY NGEDILI LIKAMKHIPHENI

ABAHOLI besifundazwe iKwaZulu-Natal bahlele idili likamkhipheni, behalalisela iDurban City FC ngempumelelo yeNedbank Cup.
ISITHOMBE: Sports,Arts & Culture.

MALIBONGWE MAZIBUKO

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uThami Ntuli kanye noNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko uMnuz Mntomuhle Khawula, ngoMgqibelo ebusuku ngedili likamkhipheni, eSouthern Sun Elangeni & Maharani eThekwini, ukuhlonipha iDurban City FC ngemuva kokunqoba kwayo inkomishi yeNedbank Cup.
Lokhu kunqoba kuthathwe njengempumelelo enkulu ebholeni lezinyawo, futhi ithathwe njengebuyise isithunzi saKwaZulu-Natal, okuqinisekise ukuthi lesi sifundazwe sisengumthombo wamakhono ebhola lezinyawo eNingizimu Afrika.
Impumelelo yeDurban City FC iphinde yanconywa njengogqozi entsheni evela emalokishini nasezindaweni zasemakhaya, ikhombisa ukuthi amaphupho KwaZulu-Natal angafezeka aze afinyelele ezingeni likazwelonke.
Leli dili liphinde lagcwalisa isithembiso esenziwa uNgqongqoshe uKhawula phambilini, sokuthi uhulumeni wesifundazwe uzowuhlonipha lo mklomelo uma iqembu lingaphumelela.
Kulo mcimbi bekukhona abaholi bezemidlalo, izinhlaka ezahlukene zemidlalo kanye nezikhulu zikahulumeni ukuzogubha impumelelo.

Abaholi bakahulumeni baphinde bagcizelela indima yezemidlalo ekwakheni ubumbano, ukuthuthukisa intsha nokudala amathuba komnotho.
Bathi impumelelo yeDurban City FC bayithatha njengophawu lokubuya ngamandla kweKwaZulu-Natal ebholeni laseNingizimu Afrika.
Leli qembu lizobhekisa amabombo e-Orlando ngempelasonto mhlaziyi-16 kuNhlaba, ukuyobhekana ne-Orlando Pirates e-Orlando Amstel Arena ngo-15:00 emini.