Uncategorised

LUGUJWE NGEGIYA ELIPHEZULU USUKU LWABAHLENGIKAZI E-KZN

UNGQONGQOSHE uNksz Nomagugu Simelane enabahlengikazi abaqhamuka kusona sonke isifundazwe.

ABAHLENGIKAZI baphume ngobuningi babo begubha usuku lwabo namuhla. IZITHOMBE: KZNDOH

NOMCEBO NGEMA

UMNYANGO wezeMpilo KwaZulu-Natal oholwa uNgqongqoshe uNksz Nomagugu Simelane, ugubhe usuku lwabahlengikazi ngegiya eliphezulu, lolu suku lugujwa umhlaba wonke namuhla.
Lolu suku lugujwe kuMasipala waseNdumeni elokishini laseSibongile, eDundee.

UNgqongqoshe uthi lolu suku uluhlanganise nolunye lwezinhlelo zakhe, ezihamba phambili emnyangweni okuyiSibhedlela kuBantu, okuwuhlelo oluletha ngokushesha ezempilo kubantu, olwenziwa ngaphandle kwezibhedlela nemitholampilo.
“Lolu suku lugujwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: Abahlengikazi bethu, ikusasa lethu, abahlengikazi abaseqophelweni abahlenga izimpilo,”kusho uNgqongqoshe uSimelane.

Uqhube wathi kulomcimbi kunabahlengikazi abavela kuzona zonke izinkalo zesifundazwe saKwaZulu-Natal. “Ngijabule kakhulu ukubungaza nani lolu suku. Nibaluleke kakhulu kulo mnyango, isemphakathini kanye nasemhlabeni wonke jikelele,” kuqhuba uNgqongqoshe.

Uthi njengoba kuwusuku lwabahlengikazi kodwa bacelile ukuthi kube khona ababuyisela ngakho emphakathini okuwuhlelo lokuletha isibhedlela kubantu.

UMphakathi ubuphume ngobuningi bawo uzoxilonga izigulo ezihlukahlukene, njengoba bekukhona abahlengikazi kanye nodokotela abehlukahlukene.