Uncategorised

AMAKHOSI NONDLUNKULU BAGIXABEZWE NGEZINSIZA ZAMABHIZINISI OGWINI

UNGQONGQOSHE uMfu Thulasizwe Buthelezi, ngesikhathi ekhuluma namalunga omphakathi.

IZINSIZA ezinikelwe uMnyango kuMakhosi nakoNdlunkulu babo. IZITHOMBE: KZNCOGTA

NOMCEBO NGEMA

ANYELWE inyoni esandleni Amakhosi noNdlunkulu bawo beSifunda Ugu angama-31, ngesikhathi begixabezwa ngezinsiza zokuqala amabhizinisi. Lo mcimbi ubuseNkanini Sports Complex, wenziwe uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, oholwa uNgqongqoshe uMfundisi Thulasizwe Buthelezi.

UNgqongqoshe uButhelezi uthi lolu hlelo luhlose ukusiza Amakhosi kanye noNdlunkulu, ukuthi bazimele ngokwezimali futhi bakwazi ukuqala amabhizinisi azodala amathuba emisebenzi emakhaya.“Inhloso yethu ukuqinisekisa ukuthi Amakhosi awagcini ngokuba ngabaholi bendabuko kuphela, kodwa abaholi abaqhuba ukukhula komnotho ezindaweni zasemakhaya.NgoNhlangulana kulonyaka lo Mnyango uzohambisa ezinye izimoto ezingama-36, ukuze Amakhosi akwazi ukwenza kangcono umsebenzi wawo wokuphatha, nokuthuthukisa imiphakathi,” kusho uButhelezi.

INkosi Zamindlela Madlala ibongela Amakhosi asoGwini, ithe lolu hlelo luwuguquko oluzosiza amakhosi, ukuthi akwazi ukubamba iqhaza elikhulu ekuthuthukiseni umnotho wemiphakathi yawo.

Amakhosi kanye noNdlunkulu bawo bathole amabhodwe, iziqandisi (mobile fridges), amatende, izihlalo kanye nokunye okuningi okuzobasiza baqale amabhizinisi.