Uncategorised

IVALWE NGEGIYA ELIPHEZULU I-AFRICA’S TRAVEL INDABA

INGXOXO yokugcina yephaneli namuhla kowe-ATI. ISITHOMBE: AKHONA DLAMINI

AKHONA DLAMINI

IPHETHWE kahle ingqungquthela ye-AFRICA’S Travel Indaba, e-Inkosi Albert Luthuli Convention Centre (ICC) eThekwini, namuhla.

Usuku lwanamuhla luvule ngohlelo lwe-Speed marketing, lapho izikhondlakhondla zemboni yezokuvakasha bezicobelelana khona ngamasu okuthuthukisa amabhizinisi, baphinde bakhe ubudlelwane nokucijana ngokuphatha abantu.
Ngemuva kohlelo lweSpeed Marketing kube sekudlulelwa kwisithangami sabezindaba, lapho bekunephaneli yokugcina ebeyibophele abahleli be-ATI.

Abahleli bancome kakhulu inani labantu lakulo nyaka ebebethamele lo mcimbi, kubalwa nabasuka kwamanye amazwe. “Kulo nyaka abantu ebebethamele lo mcimbi babalelwe ku- 9800 lapha sibala abathengisi, abathengi nabezindaba. Sinyuke kakhulu isibalo uma siqhathaniswa nesangonyaka odlule. Lokho ke kukodwa kusho ukunyuka komnotho njengoba kuzohlomula osomabhizinisi abahlukahlukene, sibala izindawo zokudla, zokulala, ezokungcebeleka nabanye abaningi,” kubeka uCorne Koch oyiChief Convention Bureau Officer kwezokuvakasha eNingizimu Afrika.

Baphinde bathembisa ukulalela zonke izikhalazo kanye nezingqinamba ebebenazo kulo nyaka. “Alikho isoka elingenasici bakithi, sibile nazo izingqinamba eziningi ikakhulukazi ngosuku esasivakashelwe ngalo uMengameli wezwe, akubanga lula ngoba kwakumele siqinise ezokuphepha, lokho kwathatha isikhathi kwaholela ekutheni izinhlelo ziphazamiseke. Okunye inani labantu ebebethamele umcimbi bebebaningi kakhulu okuholele ekutheni kuphele izindawo zokuhlala phansi. Kepha siyazibophezela ukuthi sizokwenza kangcono ngonyaka ozayo, lokhu bekuyisiqalo sento enhle,” kusho i-CEO yase-ICC ULindiwe Rakharebe.