Uncategorised

UPAPA PENNY ULAXAZE I-MKP WAQOMA I-MAYIBUYE

UFLOYD Shivambu emukela uPapa Penny kwi-Afrika Mayibuye Movement izolo. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

UMANGAZE abaningi obeyilunga lePhalamende leqembu uMkhonto Wesizwe Party (MKP), uPapa Penny ogama lakhe langempela uGezani Erik Nkovani, ngesikhathi ejoyina ngokusemthethweni inhlangano ka-Floyd Shivambu, i-Afrika Mayibuye Movement. Lokhu kwenzeke izolo ngesikhathi kunesithangami sabezindaba eSandton.
UPapa Penny uthi ubuyela ekhaya njengoba efuna ukuqhubeka nokusebenzela abantu baseLimpopo, ikakhulukazi eGreater Giyani, okuyilapho ake wasebenza khona eyikhansela.
UPapa Penny usanda kulaxaza iMKP kulandela izingxabano zangaphakathi.
Le nhlangano ithi izongenela ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba kulonyaka ngoLwezi, futhi ithi izongena kuzona zonke izigceme ezweni lonke. Enye yezinto ethi izogxila kuzona kubalwa inkinga yamanzi, ukuntuleka kwemisebenzi, ukuwohloka komnotho nezinsiza zezempilo emakhaya.

Abahlaziyi bezepolitiki bathi ukujoyina kukaPenny le nhlangano kungase kuyiqinise kakhulu eLimpopo, njengoba izama ukuzakhela indawo kwezombusazwe eNingizimu Afrika.