UDUDUZILE UFELE UMYALELO KAYISE NGAMATHE

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
AMEHLO abethe njo ekuxoliseni kukaNkk Duduzile Zuma-Sambudla, oyindodakazi kaMengameli woMkhonto Wesizwe Party uMnuz Jacob Zuma, okuvele ukuthi umyalelo kayise uwufele ngamathe.
Lokhu kuxolisa obekulindeleke ukuthi uDuduzile akwenze, ngemuva kokuthi uyise emyalele ukuthi axolise kunobhala-jikelele weqembu uFloyd Shivhambu, ngenkulumo elumelayo abeyibhale ezinkundleni zokuxhumana.
UDuduzile okuthiwa uyiqanda kuyise, ubeyalelwe ukuthi axolise kuShivhambu.
Kwisitatimende asikhiphile uDuduzile, akukho nokuncane lapho exolisa khona kuShivhambu.
“Ngiyaxolisa kuMengameli weqembu uJacob Zuma, ngixolise kwiqembu nakubalandeli beqembu,” kusho uDuduzile kwistatimende.
Lokhu okwenziwa uDuduzile kuthiwa bakuthatha njengokufela umyalelo kayise ngamathe.
Esitatimendeni esikhishwe uZuma besicacise ngokusobala ukuthi kufanele axolise kuNobhala weqembu uShivhambu.
“Isenzo sakhe siphambene nomthetho sisekelo weqembu uMkhonto Wesizwe, sikhombisa ukungahloniphi singase sidale uqhekeko eqenjini.
UNkk Duduzile Zuma-Sambudla kumele axolise ngokuphuthuma kuNobhala uShivhambu, uMengameli weqembu, kumalunga eqembu nakuwo wonke umuntu ezweni ngesenzo sakhe. Uma ehluleka ukwenza lokho ngokushesha uzothathelwa izinyathelo ezinqala,”kuchaza uZuma esitatimendeni esikhishwe iMK Party
