UKAMADLOPHA UGCULISEKILE NGELOKUGONYWA KWEMFUYO E-KZN

UNGQONGQOSHE uNkk Thembeni KaMadlopha-Mthethwa ezibambele mathupha egoma izinkomo ediphini.

IZINKOMO ezigonyelwe isifo samatele eMpendle. IZITHOMBE: KZNDARD
NOMCEBO NGEMA
UNGQONGQOSHE woMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya uNkk Thembeni KaMadlopha-Mthethwa, uthi ugculisekile ngenqubekela phambili yohlelo lokugomela isifo samatele esifundazweni. Ukhulume kanje izolo ngesikhathi evakashele esigodini sakwaNovuka, eMpendle nalapho kugonywe khona izinkomo ezibalelwa ku-22 000.
Uthi iyakhuthaza indlela okusebenzeka ngayo kulesi sifundazwe ikakhulukazi uma kubhekwa izinga lomsebenzi osuwenziwe nesidingo sokufinyelela kubalimi abazimele nabahwebayo.
“Lo mkhankaso wokugomela isifo samatele uqhubeka kahle kakhulu lapha kwisiFunda saseMgungundlovu, sekugonywe izinkomo ezingaphezu kuka-13 000 ngosuku. NgoMsombuluko zibe yi-13 386 izinkomo ezigonyiwe kumadiphu angama-27 kule ndawo,” kusho uNgqongqoshe uKaMadlopha-Mthethwa.
