Uncategorised

AMAVIYO AKHIPHE ULOZOLO LWE-ALBHAMU

I-ALBHAMU ya-Amaviyo esihloko sithi Zulu Omnyama eshisa izikhotha. ISITHOMBE: SITHUNYELWE

NOMCEBO NGEMA

ISHISA izikhotha i-albhamu entsha ya-Amaviyo esihloko sithi Zulu Omnyama ephuma ngoLwesihlanu.

Le albhamu ingeyesibili njengoba ilama eyaphambilini esihloko sithi Uyangithanda Na, abantu abayithakasela kakhulu.
US’bonga Gcwensa okunguyena umholi nomsunguli waleli qembu, uthi le albhamu entsha ibophele izingoma eziyi-12 futhi zimnandi zonke. “Izingoma engizibona zihamba phambili kakhulu kubantu nasezitolo okwamanje UZulu Omnyama, eyisihloko se-Albhamu, eyesibili esihloko sithi Ngisebenzela Udali, neyesi-8 esihloko sithi Umthwalo engipike kuyona uBoneni Magubane,” kuchaza uGcwensa.

Uqhube wathi lo msebenzi uwenze wonke eDownhills Studio, wasebenzisana noBoneni Magubane, uSanda Magubane, uTau Tona, iNtaba YaseDubai kanye noS’bahle Nxele.
Le albhamu iyatholakala kuzona zonke izindawo zomculo.