UNTULI UNXUSA OHULUMENI BAMAZWE ASE-AFRIKA UKUTHI BALANDE ABANTU BABO KULELI

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ebikela uKhomishana wase-Pakistan, nabe-United Nations ngezinkinga ezibhekene nesifundazwe saKwaZulu-Natal ngenxa yabantu bokufika ngokungemthetho. ISITHOMBE: ZANDILE SHANGE
NOMCEBO NGEMA
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli unxusa ohulumeni bamazwe ase-Afrika ukuthi bakhiphe ezokuthutha, ezizolanda abantu babo abakuleli ngokungemthetho, ngesikhathi enomhlangano noKhomishana we-Islamic Republic of Pakistan uMnuz Malik Muhammad Forooq kanye ne-United Nations, izoloeMarine Building eThekwini.Uthi inhloso bekuwuzobhunga kabanzi ngemibhikisho eqhubekayo emayelana nabokufikaabakuleli ngokungemthetho kanye nomonakalo osudalwe ilaba bokufika.
UNdunankulu uNtuli unxuse lezi zihambeli ukuthi zixoxisane nalaba bokufika, ukuze labo abafuna ukubuyela emazweni abo abangenawo amandla, uhulumeni wabo abasize ababuyisele emakhaya. “Laba abafuna ukuhamba, abahambe ikakhulukazi laba abakuleli ngokungemthetho. Abokufika kufanele balandele umthetho babe kuleli ngokusemthethweni okanye babuyele emazweni abo ngoba nathi ngeke sivume umuntu walapha KwaZulu-Natal aye kwelinye izwe ngokungemthetho. Kufanele abantu bakuleli uma beya kwamanye amazwe bahambe ngendlela esemthethweni ukuze uma befika benza ubugebengu kube lula ukuthi babhekane nengalo yomthetho. Amamashi lawa athe chithi saka enziwa amalunga omphakathi akhathazekile ngenxa yezinga eliphezulu lezidakamizwa ezidayiselwa izingane ezincane,” kusho uNdunankulu uNtuli.
Uphinde wazwakalisa ukukhathazeka okukhulu ngokudayiswa kwempahla ewumbombayi okanye yomgunyathi. Uthi lolu daba lwempahla lungalunga uma lubekwa ezithebeni, ngoba osomabhizinisi bakhala ngokuthi bayakhiqiza kodwa abayenzi inzuzo.
“Sengibone izindawo ezinkulu ezimbili ezigcina noma ezikhiqiza impahla lapha eThekwini ezazicishe zigcwale phama izimpahla ezingombombayi, ngaphinde ngabona amakhontena amakhulu amabili agcwele izimpahla zamagama ezingombombayi. Asinayo inkinga yabokufika ngokungemthetho kuphela kodwa ziningi izinkinga esibhekene nazo okubalwa nophoyizeni okanye ubuthi obutholakala kumachips adayisa ezitolo zabokufika. Kulesi sifundazwe silahlekelwe imiphefumulo yezingane, ezinye ziphuthunyiswa ezibhedlela ziyolashwa ngemuva kokudla lama-chips. Ngiyanicela ukuthi uma ninezingxoxo nabaphezulu nizibeke lezi zinkinga ezibhekene nesifundazwe saKwaZulu-Natal,” kuphetha uNdunankulu uNtuli.
