Uncategorised

USANDILE ZUNGU UGAQELE ESE-SAFA

SANDILE Zungu ngomunye wabagaqele isikhuhla kwi-SAFA. ISITHOMBE:FACEBOOK

MALIBONGWE MAZIBUKO

UMENGAMELI waMaZulu, uSandile Zungu, udalule ukuthi uncengwe ngabantu abahlukene ezifundeni ukuthi angenele ukhetho lokwengamela inhlangano eyengamele ibhola eMzansi, iSouth African Football Association (Safa).UZungu ungomunye wabagaqele lesi sikhundla esiphethwe nguDanny Jordaan, ofuna ukusiqhoqhobala ihlandla lesithathu. Eminyakeni edlule, baningi abazamile ukugudluza uJordaan okubalwa kubona uRia Ledwaba owayeyiphini lakhe. Abanye abazamile kodwa bahoxa ekugcineni embangweni wesikhundla ngu-Andile “Ace” Ncobo owayengunompempe noLucas Radebe owayengumdlali weBafana Bafana.

UZungu uthe akubeke eqhulwini yibhola lezikole alibona lifile.“Ibhola lilandelwa ngabantu abaningi uma uqhathanisa nebhola lombhoxo kodwa ezikoleni alikho ndawo. Abaxhasi bakhona ebholeni lombhoxo ngisho ezingeni lezikole kodwa ebholeni akukho lutho. Okunye okudala lokho wukuthi izinkampani zimanqika ukuletha usizo ngenxa yokungayithembi indlela okuphethwe ngayo iSafa. Kufanele silungise iSafa ukuze sizokwazi ukungqongqoza sivulelwe, silalelwe ukuthi sithini ima siyofuna uxhaso. Okwamanje ngeke kwenzeke,”kusho Zungu eqhuba ethi:“Angiyena umuntu othanda ukukhomba amaphutha abanye abantu. Ngifuna sihlangane sonke silungise izinto. Ibhola ezikoleni kufanele solibuyise.”

Mayelana nesinqumo sokungenela ukhetho uthe:”Abantu ezifundeni bebelokhu bengicela ukuthi ngilungenele ukhetho lukamengameli weSafa kodwa ngibashaya indiva. Ngigcine ngivumile. Ushintsho luyadingeka kwiSafa.”Ukhetho lweSafa kulindeleke ukuthi lube ngoSepthemba. Nakuba engakaveli amagama abanye abazongenela ukhetho kodwa kulindeleke ukuthi baziwe ngokuhamba kwesikhathi. Ukubuya kukaJordaan nokuhamba kwakhe kuncike ezifundeni ezakhele izifundazwe eziyisishiyagalolunye eNingizimu Afrika. Kunezinkulumo zokuthi iKwaZulu-Natal “iyamcula” uJordaan.