KUBOSHWE OWESIFAZANE NGELIKA- DKT NTUTHUKO MAHLABA

UDKT Ntuthuko Mahlaba odlule emhlabeni ngoMgqibelo ezivocavoca.

IMOTO eshayise uDkt Ntuthuko Mahlaba emgwaqeni eNewcastle ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
UKHALELWE amasongo kaSigonyela umsolwa ngecala lokubulala ngokungenhloso uDkt Ntuthuko Mahlaba, ngoMgqibelo ngesikhathi egijima ezivocavoca emgwaqeni eNewcastle.
Isitatimende esikhishwe amaphoyisa athi umshayeli we-bakkie ubeshayela emgwaqeni u-Allen Street, ngesikhathi uDkt uMahlaba ejoga, okusolwa ukuthi ubewela umgwaqo ngesikhathi kwenzeka le ngozi. Kuthiwa umshayeli uzamile ukumvika kodwa wehluleka, wagcina ngokumshayisa uDkt uMahlaba. Kuvele ukuthi uDkt Mahlaba ube esephuthunyiswa esibhedlela esiseduze, okuyilapho okumenele khona ngenxa yokulimala kanzima. Amaphoyisa ebephenya icala lokubulala ngokungenhloso. Imininingwane egcwele ayikakhishwa ukuthi ubani lo msolwa, futhi uzovela nini enkantolo.
