UMASIPALA WABAQULUSI UBHUNGE NGOLWABOKUFIKA ABANAMABHIZINISI

IMEYA kaMasipala waBaQulusi uCllr Sifiso Mkhwanazi neMenenja kaMasipala waBaQulusi uNkk Sbonga Dlamini.

OSOMABHIZINISI bendawo, namalunga omphakathi ngesikhathi kubhungwa kabanzi ngodaba lwabokufika abanamabhizinisi. IZITHOMBE: ABAQULUSI MUNICIPALITY
NOMCEBO NGEMA
IMEYA kaMasipala waBaQulusi ibe nomhlangano nosomabhizinisi ngenhloso yokubhunga ngodaba lwabokufika abanamabhizinisi eVryheid. Lo mhlangano ulandela ukungagculiseki kosomabhizinisi bendawo ngabokufika abanamabhizinisi abakule ndawo ngokusemthethweni kanye nabakuleli ngokungemthetho.
IMeya iyale osomabhizinisi ngokuthi konke abakwenzayo balandele umthetho uma befuna ukuvikela umnotho wendawo kanye nethuthuko. “Osomabhizinisi nabaholi bemiphakathi kufanele basebenzisane nabomthetho uma bevakashela amabhizinisi abokufika. Kufanele kubhekwe ukuthi banazo yini izimvumo ezibagunyaza ukuthi babe namabhizinisi ukuze kuzovulelwa abantu bendawo ukuthi kube yibona abengamela amabhizinisi. Amaphoyisa kufanele abe khona ngaso sonke isikhathi uma kuvakashelwa amabhizinisi abokufika,” kusho iMeya uMkhwanazi.
IMeya uMkhwanazi ikhuthaze ukubekezelelana, ubumbano kanye nokusebenzisana ukuze kube nozinzo kumnotho woMasipala waBaQulusi.IMenenja kaMasipala waBaQulusi uNkk Sbonga Dlamini ukhulume ngokubaluleka kokuxoxisana.
